Le nkonzo isebenza kulowo ozoba nemvume yokuhlala unomphela ofisa ukwenza isicelo semvume yokuhlala unomphela ngenxa yokuba yilunga lomndeni sesakhamuzi saseNingizimu Afrika noma lowo onelungelo lokuhlala unomphela njengenyathelo lokuqala lobudlelwane. Ngenhloso yokuthola ilungalo lokuhala unomphela, amalunga omndeni njengenyathelo lokuqala lobudelwane bachazwa njengalabo bobuhlobo begazi noma izingane ezinikezelwe ngokomthetho yinkantolo ukunakekelwa noma abazali ozothathele ngokomthetho ukubanakekela noma abazali ngokushonelwa noma ngokwehlukana kwabazali.
Izicelo zingenziwa ehhovisi laboMnyango wezaseKhaya noma kwinxusa laseNingizimu Afrika noma i-mission uma kwenziwa isicelo ngaphandle.
Gcwalisa ifomu lesicelo, i-BI-947 no-BI-29.
Isakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umhlali unomphela kumele afakele isibopho sokuzimisela maqondana nezimali, ezokwelaphisa kanye nokunakekela umenzi wesicelo. Kodwa lapho isihlobo kungumzali wengane esencane ngeminyaka, asikho isidingo sokwenza isibopho sokuzimisela.
Asikho isikhathi esibekiwe sale nkonzo.
